eWestville - eNingizimu Afrika /
www.coptrust.org.za
Injongo yalesi sigaba wukufakaza ngokuvuma kwakho kokukholwa, nokumisa ukuthi ukukholwa kwakho kusekelwe ngokugcwele phezu kwezifundo zabaphostoli (izimiso) mayelana noMbuso kaNkulunkulu neGama likaJesu Kristu.
Kukhona umehluko omkhulu phakathi kokwazi "ngekhanda" nokwazi "ngenhliziyo". UJesu wathi ukuphila okuphakade kuboshwe "ekubazini" uNkulunkulu noYena uqobo (Johane 17:3). Ukumazi uNkulunkulu noJesu kuwukuhlangana kwe "khanda" ne "nhliziyo". UJesu wathi umthetho wokuqala nomkhulu wazo zonke izikhathi nanku: "Wuyathanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangayo yonke imiphefumulo yakho, nangengqondo yakho yonke." (Mathewu 22:37). Ngakho-ke, ukuvuma kweqiniso kusekelwe "enhliziyweni", "emiphefumulweni", nanes "engqondweni".
Emva kokuba abantu belalele umphostoli uPetru ngosuku lwePentekoste: "Ngako indlu yonke yakwa-Israyeli mayazi ngokuqinisekileyo ukuthi loJesu enimkhonthile nina, uNkulunkulu umenze iNkosi noKristu." Kwathi balezwa lokhu, bahlatshwa ezinhziyweni zabo, bathi kuPetru nakubanye abaphostoli: "Madoda, bazalwane, sizakwenzani na?" UPetru wathi kubo: "Phendukani, nize muphendulwe nina nonke egameni likaJesu Kristu, kukhululwe izono zenu; khona nizakwamukela isipho somOya oNgcwele. Ngokuba isithembiso sikhona kini nakubantwana benu, nakubo bonke abakude, abangangabo iNkosi uNkulunkulu wethu ezababiza." (Izenzo 2:36-39).
Siyatshelwa ukuthi "abalamukela ngenjabulo izwi lakhe babhabhadiswa; kwanezelwa kubo ngalolo suku imiphefumulo engathi izizinkulungwane ezintathu. Kwaphela baphikelela ezifundweni zabaphostoli, nokuhlanganyeleni, nokuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni." (Izenzo 2:41-42).
Kulesi sigaba sizolandela yona le ndlela efanayo. Emva kokuba abantu belalele umphostoli uPetru:
01 Kungani ungathanda ukubhabhadiswa na?
02 Umbhabhadiso kuJesu Kristu ungakwenzela ini na?
03 UJesu uyiguqule kanjani impilo yakho na?